KwabaseFilipi 4:4-9
KwabaseFilipi 4:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
KwabaseFilipi 4:4-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto. Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
KwabaseFilipi 4:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho. Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
KwabaseFilipi 4:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)