IzAga 1:1-4
IzAga 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lezi yizaga zikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Ngezokufunda ukuthi kuyini ukuhlakanipha, nokufundisa ukuqonda amazwi ajulile, ukuthola ingqondo ekhanyiselwe, ubulungiswa nobuqotho. Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha
IzAga 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu
IzAga 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi kaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; ukwazi ukuhlakanipha nokulaywa; ukuqonda amazwi okuqonda; Ukwamukela isifundiso sokuhlakanipha, ukulunga, nokwahlulela, nokulunga; Ukunika abangenalwazi ubuqili, abasha ulwazi nokweluleka.