IzAga 10:1-16
IzAga 10:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina. Ingcebo yenkohlakalo ayisizi ngalutho, kodwa ukuziphatha ngokulunga kukhulula ekufeni. USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala. Isandla esidembeselayo siletha ubuphofu, kodwa esikhutheleyo siyacebisa. Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo. Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova. Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa. Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka. Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula. Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova. Inzondo ibanga ingxabano, kodwa uthando lusibekela zonke iziphambeko. Ezindebeni zalowo ocubungulayo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane walowo ongenangqondo. Ohlakaniphileyo uqongelela ulwazi, kodwa umlomo wesiwula uletha imbubhiso. Ingcebo yocebileyo iyinqaba yakhe, kodwa ubuphofu babampofu bungukubhubha. Umvuzo wolungileyo ungukuphila, kodwa inzuzo yezikhohlakali ingukujeziswa ngesono.
IzAga 10:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina. Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni. UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza. Isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa. Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo. Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu. Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa. Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula. Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu. Inzondo iyabanga ukuxabana, kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke. Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo. Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze. Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo. Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila; inzuzo yababi ingeyokona.
IzAga 10:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina. Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kusindisa ekufeni. UJehova kayikuyekela umphefumulo wolungileyo ulambe, kodwa uchitha okuhle komubi. Osebenza ngesandla esibuthakathaka uba mpofu, kepha isandla sabakhutheleyo siyacebisa. Obutha ehlobo ungumfana ohlakaniphileyo; kodwa olalayo ngesikhathi sokuvuna uyindodana yehlazo. Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa ubudlova busibekela umlomo wababi. Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esitshiyozayo siyakuwa. Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka; kepha ohlanekezela izindlela zakhe uzokwaziwa. Ocwayiza ubanga usizi, kepha isiwula esiphaphayo siyakuwa. Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha ubudlova busibekela umlomo wababi. Inzondo izala ukuxabana, kodwa uthando lusibekela zonke izono. Ukuhlakanipha kutholakala ezindebeni zohlakaniphileyo, kepha uswazi ungowomhlane weziwula. Abahlakaniphileyo bayabuthelela ukwazi, kepha umlomo weziwula useduze nokubhujiswa. Ingcebo yengcebo ingumuzi wakhe onamandla; ukuwa kwabampofu kungubumpofu babo. Umshikashika wolungileyo uholela ekuphileni, isithelo somubi siholela esonweni.