IzAga 14:29-33
IzAga 14:29-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula. Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni, kodwa umhawu ukubolisa amathambo. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe. Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe. Ukuhlakanipha kuhlala enhliziyweni yonokuqonda, kodwa eziwuleni, akwaziwa.
IzAga 14:29-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kepha onomusa koswelayo uyamdumisa. Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe. Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda, kepha phakathi kweziwula akwaziwa.
IzAga 14:29-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Obekezelayo unokuqonda okukhulu, kepha onamawala emoyeni uphakamisa ubuwula. Inhliziyo ephilileyo ingukuphila kwenyama, kepha inomhawu ngokubola kwamathambo. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe; kepha omdumisayo uhawukela abampofu. Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe. Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yoqondileyo, kodwa okuphakathi kweziwula kuyaziwa.