IzAga 4:5-9 - Compare All Versions
IzAga 4:5-9 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda. Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakukufaka umqhele womusa ekhanda lakho, kukunike umqhele wodumo.”
IzAga 4:5-9 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
IzAga 4:5-9 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakukhohlwa; futhi ungasuki emazwini omlomo wami. Ungamshiyi, futhi uyokugcina; mthande, futhi uyokugcina. Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kakhulu; ngakho-ke zuza ukuhlakanipha, futhi uzuze ukuqonda ngakho konke ukuqonda kwakho. Yiphakamise, yona izakuphakamisa; uzokuhlonipha uma umgona. Buzanika ikhanda lakho umqhele womusa; uyakukunika umqhele wenkazimulo.