IzAga 6:16-19
IzAga 6:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.
IzAga 6:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye. Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala; Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini; Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.
IzAga 6:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe: Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala; inhliziyo eceba okubi, izinyawo ezishesha ukugijimela ebubini; ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso, odala ingxabano kubafowabo.