AmaHubo 28:6-9
AmaHubo 28:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Makabongwe uSimakade, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami. USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami. USimakade ungamandla abantu bakhe. Uyinqaba eyinsindiso yogcotshiweyo wakhe. Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.
AmaHubo 28:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami. UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe. Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.
AmaHubo 28:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami. UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami. UJehova ungamandla abo, uyinqaba yokusindiswa kogcotshiweyo wakhe. Hlunga abantu bakho, ubusise ifa lakho; ubaphe ukudla, ubaphakamise kuze kube phakade.