AmaHubo 31:1-4
AmaHubo 31:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho. Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo. Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise. Ngikhiphe ogibeni abangicuphe ngalo, ngokuba Wena uyisiphephelo sami.
AmaHubo 31:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho. Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami.
AmaHubo 31:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba wena Jehova; ungangijabhisi; ngisindise ngokulunga kwakho. Khothamelani kimi; ngisindise masinyane; ube yidwala lami eliqinile, indlu yenqaba yokungisindisa. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngalokho ngiqondise ngenxa yegama lakho, ungiqondise. Ngikhiphe enetheni abangibekele lona ngasese, ngokuba wena ungamandla ami.