AmaHubo 39:4-5
AmaHubo 39:4-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Simakade, ngazise isiphetho sami, nokuthi zingakanani izinsuku zami; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
AmaHubo 39:4-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*
AmaHubo 39:4-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Jehova, ngazise ukuphela kwami nesilinganiso sezinsuku zami ukuthi ziyini; ukuze ngazi ukuthi ngibuthakathaka kangakanani. Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.