AmaHubo 50:9-12
AmaHubo 50:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho, ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni. Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.
AmaHubo 50:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.
AmaHubo 50:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho, nezimbuzi ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyinkulungwane. Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zingezami. Uma bengilambile, bengingeke ngikutshele, ngokuba umhlaba ungowami nokugcwala kwawo.