AmaHubo 68:11-14
AmaHubo 68:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
INkosi ikhiphe izwi, isixuku esikhulu sabesifazane sabika indaba ejabulisayo. Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango, noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo. Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho, kwakhithika iqhwa eZalimoni.
AmaHubo 68:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango. Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.
AmaHubo 68:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yalikhupha ilizwi: Lalikhulu ixuku labalikhuphayo. Amakhosi ebutho abaleka masinyane, nenkosikazi eyayisele ekhaya yahlukanisa impango. Noma ulala phakathi kwezimbiza, uyakuba njengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliphuzi. Lapho uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, kwaba mhlophe njengeqhwa eSalimoni.