AmaHubo 68:15-18
AmaHubo 68:15-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Intaba kaNkulunkulu yintaba iBhashani; intaba eneziqongo. Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade. Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane ngezinkulungwane iNkosi iphakathi kwazo, iSinayi isendaweni engcwele. Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.
AmaHubo 68:15-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu; intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo. Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane nezinkulungwane; iNkosi iphakathi kwazo; iSinayi lisendaweni engcwele. Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.
AmaHubo 68:15-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Intaba kaNkulunkulu injengentaba yaseBashani; intaba ephakeme njengentaba yaseBashani. Nigxumelani nina zintaba eziphakemeyo? iyigquma uNkulunkulu afuna ukuhlala kulo; yebo, uJehova uyakuhlala kulo kuze kube phakade. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, yebo, izinkulungwane zezingelosi; uJehova uphakathi kwazo njengaseSinayi endlini engcwele. Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.