IsAmbulo 14:9-11
IsAmbulo 14:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: “Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.”
IsAmbulo 14:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ingelosi yesithathu yabalandela, isithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhuleka isilo nomfanekiso waso, amukele uphawu ebunzini lakhe, noma esandleni sakhe, Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. Umusi wokuhlushwa kwabo ukhuphuka kuze kube phakade naphakade; abanakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, nalowo owamukela uphawu lwegama laso.
IsAmbulo 14:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
IsAmbulo 14:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)