IsAmbulo 6:5-6
IsAmbulo 6:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimnyama, nogibele kulo ephethe isilinganisi esandleni sakhe. Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”
IsAmbulo 6:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”
IsAmbulo 6:5-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe. Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.
IsAmbulo 6:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)