I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseRoma 2:2-11 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KwabaseRoma 2:2-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo. Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na? Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade; kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo. Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi; kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi. Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.

KwabaseRoma 2:2-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo. Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na? Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu, oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade. Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo. Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki. Kepha inkazimulo, udumo, nokuthula kuyakuba kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGriki futhi. Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.

KwabaseRoma 2:2-11 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kodwa siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo. Ucabanga ukuthi wena muntu, owahlulela abenza izinto ezinjalo, nawe uzenza nazo, ucabanga ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na? Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu; Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe; Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade; Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka; Usizi nosizi phezu kwawo wonke umphefumulo womuntu owenza okubi, kumJuda kuqala, nakumGreki; kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki; Ngokuba akukho ukukhetha komuntu kuNkulunkulu.

KwabaseRoma 2:2-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)