KwabaseRoma 2
2
Ukwehlulela KukaNkulunkulu Kungokweqiniso
1 Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho. 2Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo. 3Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na? 4 Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?
5 Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu, 6 oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: 7 kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade. 8Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo. 9 Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki. 10Kepha inkazimulo, udumo, nokuthula kuyakuba kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGriki futhi. 11 Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.
12Phela bonke abonileyo bengenamthetho, bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho, bayakwehlulelwa ngomthetho. 13 Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa. 14 Ngokuba uma abezizwe ababengenawo umthetho ngokwemvelo, benza okomthetho, labo abangenamthetho, bangumthetho ngokwabo, 15 bayabonakalisa ukuthi lokho okungumsebenzi womthetho kulotshiwe ezihliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza ngalokho, futhi nemicabango yabo iyakubamangalela noma ibavune, 16 ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.
Umthetho Awusizi Ngalutho Uma Ungagcinwa
17 Kepha uma ubizwa ngomJuda futhi wethembela emthethweni, uzigqaja ngoNkulunkulu, 18futhi uyazi intando, wemukela lezo zinto ezemukelekileyo; ungofundisiweyo emthethweni; 19 uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe; ungukukhanya kwalabo abasebumnyameni, 20umyali weziwula nomfundisi wezingane; uyisibonakaliso solwazi lweqiniso emthethweni. 21 Pho wena-ke ofundisa omunye, awufundiswanga yini wena na? Wena kanye oshumayela ukuthi kungebiwa, uyeba yini na? 22Wena othi makungaphingwa, uyaphinga yini na? Wena onyanya izithombe, awuwaphangi yini amathempeli na? 23Wena luqobo ozigqaja ngomthetho, awukhombisi yini ukungamhloniphi uNkulunkulu ngokweqa umthetho na? 24 Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.
Ukusoka Ngokwenhliziyo
25Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile. 26 Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyukubalwa yini ukuthi kungukusoka na? 27Khona labo abangasokile ngokwemvelo, kodwa bewugcina umthetho, bayakunehlulela nina eninomthetho obhaliwe kanye nokusoka kodwa niwephula umthetho.
28 Ngokuba umJuda akasiye umJuda woqobo ngezinto ezibonwayo, kanjalo nokusoka akusikho nje okubonwa enyameni. 29 Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.
Okuqokiwe okwamanje:
KwabaseRoma 2: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.