I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseRoma 8:31-33 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KwabaseRoma 8:31-33 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo

KwabaseRoma 8:31-33 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo.

KwabaseRoma 8:31-33 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo.

KwabaseRoma 8:31-33 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)