KuThithu 3:4-7
KuThithu 3:4-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha emva kwalokho kwabonakala umusa nothando lukaNkulunkulu uMsindisi wethu kubantu. kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele; eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu; ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.
KuThithu 3:4-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha lapho sebubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele, amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu, ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
KuThithu 3:4-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
KuThithu 3:4-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha emva kwalokho kwabonakala umusa nothando lukaNkulunkulu uMsindisi wethu kubantu. Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele; eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu; ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.