Zila ukudla njengo DaniyeliIsampula

Fast Like Daniel

USUKU 10 KWEZINGU- 21

Nkosi, Siza!

UJakobe ubhala ukuthi asinakho esikucelayo ngoba asikuceli kuNkulunkulu. Kodwa ingabe ngezinye izikhathi uzizwa sengathi awazi nokuthi yini ongayicela? Ngikholwe, ngake ngalapho!

Lapho ukuleso simo, impendulo empeleni ilula: zithobe, melana nodeveli, futhi usondele kuNkulunkulu. Ngenkathi usondela kuYe ngokuzila ukudla nokukhuleka, mbuze ukuthi yini ongayikhuleka

Kwesinye isikhathi kulula njengokuthi “Nkosi, siza!” Kodwa nali uhlangothi lomkhuleko olungamelwe namuhla: ukuma isikhathi eside ngokwanele ukuze ulalele futhi ulindele impendulo evela kuNkulunkulu. 

UJakobe usebenzisa isibonelo sokuthandazela ukuhlakanipha. UJakobe uchaza ukuthi uma sintula ukuhlakanipha, singathandaza futhi sikucele kuNkulunkulu—bese silindela impendulo! Akufanele sibe “nemiqondo embaxa-mbili,” singabaza ukuthi uNkulunkulu uzophendula noma cha; kufanele sithandaze ngokuqondile—bese silinda ngokubekezela. 

Uke wayibona ividiyo yolwandle ngesikhathi kunesiphepho? Uma ungabaza ukuthi uNkulunkulu uzophendula yini, kufana nokuthi ujikijelwa phambili naphambili kulawo magagasi anesiphepho. Ngeke uzinze futhi ume kukho konke okwenzayo.

Ngakho singakwazi kanjani ukuthi sithandaze ngokwentando kaNkulunkulu ukuze asiphendule? Thandaza iBhayibheli. UNkulunkulu ubeke imicabango Yakhe, ubuntu, kanye nentando Yakhe ngawe khona kanye eZwini Lakhe eliphilayo, futhi lapho silithandaza silibuyisela kuYe—sizibeka ethubeni lokuthola impendulo Yakhe.

Ukuze usebenzise isibonelo sikaJakobe, ungase uthandazele ukuhlakanipha. UJakobe 1:5 uthi, “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, akacele kuNkulunkulu, obapha bonke ngesihe, ngokungasoleki, khona uyakuphiwa.” Ngakho khuleka, “Nkosi, ngiswele ukuhlakanipha. Lithi iZwi Lakho ngifanele ukuza kuwe futhi ngicele, futhi uzonginika ukuhlakanipha ngesihe ngaphandle kokuhlekisa ngami. Ngiyabonga ngokunginika ukuhlakanipha.”

Ungabheka amavesi ngezihloko ezithile eBhayibhelini ngokushesha ngenxa yobuchwepheshe obufana nesici sosesho se-YouVersion, okwenza kube lula ukuthola amavesi “abhaliwe” afanelana nezidingo zakho zomthandazo. Ku-www.fastlikedaniel.com, ngiphinde ngisebenzise ubuchwepheshe ukukusiza nge-Daniel Fast yakho ngamavidiyo,  izinsiza, kanye nokuzinikela okuphelele kwezinsuku ezingu-21 okuzokusiza ukusethela impumelelo ku-Daniel Fast yakho. 

Uma ukhuleka uthi, “Nkosi siza” ngenxa yalokhu kuzila, kungase kube yimpendulo yomthandazo! 

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Fast Like Daniel

Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.

More

Sithanda ukubonga u-Scott Williams ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.fastlikedaniel.com