Zila ukudla njengo DaniyeliIsampula
Hlala Ulindile
Ngiyakuzonda ukulinda. Angithandi ukulinda kulayini, futhi ngiyazinyanya izindiza ezibambezelekile, amakheshi anensayo, nesiminyaminya sezimoto. Into engingenankinga nokuyilinda umkami. Uvame ukwenza izinto kancane, kodwa uhlale efike ngesikhathi. Ngingathola ufakazi? #BrowniePoints!
Inkinga iwukuthi, ngokuvamile kudingeka silinde uNkulunkulu ukuze aphendule imithandazo.
Isikhathi sikaNkulunkulu akusona isikhathi sethu, futhi ngempela akukho esingakwenza ukumsheshisa Yena—noma ukumehlisa ijubane. Isikhathi sakhe sihlala siphelele, ngoba izindlela Zakhe ziphakeme kunezindlela zethu (bona u-Isaya 55:8-9). Isikhathi sakhe siphelele ngokuphindwe kazigidigidi kunokunyakaza okungabonakali kwewashi le-Rolex eliphambili.
Kungase kusilinge ukucabanga ukuthi abantu “abangokomoya ngempela” bathola izimpendulo zabo kuNkulunkulu ngokushesha—ngakho uma siba “ngokomoya ngempela,” mhlawumbe singaqhubezela izinto kancane. Kodwa akulona iqiniso, njengoba uzobona ekufundeni kwanamuhla.
Le ndoda engokomoya emangalisayo ibilokhu ithandaza futhi izila ukudla amasonto amathathu, nokho akezwa lutho…kwaze kwaba yilapho ingelosi uGabriyeli ifika mathupha izonikeza uDaniyeli impendulo yayo. Ingelosi imtshela ukuthi uNkulunkulu wathumela impendulo Yakhe ngosuku lokuqala—kodwa wayebanjiwe. UDaniyeli kwadingeka alinde izinsuku ezingamashumi amabili nanye ukuze ayithole.
Ngicela uqaphele ukuthi uDaniyeli akazange adikibale futhi alahlekelwe isimo sakhe sengqondo sokulindela lapho impendulo yakhe ingafiki ngaso leso sikhathi. Waqhubeka nokuzila ukudla futhi ekhuleka.
Ngiyabazi abantu osekuphele iminyaka belindele izimpendulo zabo. Bheka impilo ka-Abrahama—leyonsizwa yalinda amashumi eminyaka, kodwa ukholo lwakhe aluzange luntengantenge. KumaHeberu 11:13 uthi amaqhawe okholo, njengo-Abrahama, ayesaphila ekukholweni lapho efa nakuba ayengazitholanga izinto uNkulunkulu ayezithembisile kodwa ayezibona lezo zinto zikude. Bahlala begcwele ithemba iminyaka namashumi eminyaka.
Ngifuna kushiwo lokho ngami—hhayi ngoba ngifuna ukulinda, kodwa ngoba izimpendulo zikaNkulunkulu zihlala njalo kufanele zilindelwe.
Lolu hlelo lokufunda lungamasonto amathathu. Singahlala silindile amasonto amathathu, akunjalo? Izimpendulo zakho zingase zingathathi amaviki amathathu, noma kudonse isaikhathi. Kodwa impumelelo iyeza. Gcina amehlo akho kuYe, hhayi ikhalenda. Qhubekani nizile ukudla, qhubekani nikhuleka, qhubekani nikhanya. Ungalahli ithemba, futhi hlala ulindile mngani wami.
Izimpendulo zikaNkulunkulu ziyeza.
Mayelana naloluHlelo
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.
More