YouVersion Logo
Search Icon

2 KuThimothewu 2

2
Ibutho LikaKhristu Elithembekile
1 Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu. 2 Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye. 3 Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu. 4 Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo. 5 Kanjalo futhi uma umuntu esemncintiswaneni, akanikwa umqhele uma engayilandelanga imithetho yokuncintisana. 6 Kufanele ukuba umlimi osebenzayo kube nguye othola isabelo sezithelo zokuqala. 7Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto.
8 Khumbula uJesu Khristu owavuswa kwabafileyo, owolibo lukaDavide, ngokwevangeli lami, 9 engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. 10 Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.
11 Lithembekile leli lizwi elithi: ngokuba uma safa naye, siyakuphila futhi naye. 12 Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika. 13 Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.
Isisebenzi Esethembekile
14 Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo. 15 Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso. 16 Kepha kugweme ukukhuluma kwezwe okuyize, ngokuba kubhebhezela ukungamesabi uNkulunkulu, 17 kuthi ukukhuluma kwabo kubhibhe njengesilonda somuna esibhucukayo, okukhona kulabo oHimenewu noFiletu, 18 abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye. 19 Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”
20 Kepha endlini enkulu akuhlali kuphela izitsha zegolide nezesiliva, kodwa nezokhuni nezebumba; ezinye ngezihloniphekileyo, ezinye ngezingahloniphekile. 21 Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle.
22 Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo. 23 Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa. 24 Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele, 25 ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso, 26 basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.

Currently Selected:

2 KuThimothewu 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 2 KuThimothewu 2