2 KuThimothewu 3
3
Abadukisi Bezikhathi Zokugcina
1 Kepha yazi lokhu, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika izikhathi ezinzima. 2 Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo, 3 abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle, 4 abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, 5 abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.
6 Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo. 7 Bafunda njalo, kodwa abafinyeleli ekwazini iqiniso. 8 Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni. 9Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda.
Ukubambelela Esifundisweni Esilungileyo
10 Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka, 11 ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke. 12 Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa. 13 Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe. 14 Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani, 15 nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu. 16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni, 17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.
Currently Selected:
2 KuThimothewu 3: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.