YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 47

47
Ukwehlulelwa KweBhabhele
1“Yehla, uhlale othulini,
ntombi eyindodakazi yaseBhabhele.
Hlala phansi emhlabathini
ngaphandle kwesihlalo sobukhosi,
ndodakazi yamaKhaledi!
Ngokuba awusayukuphinde
ubizwe ngothambileyo nontengantengayo.
2Thatha amatshe okusila,
ugaye impuphu,
susa imvakazi yakho,
ukhumule ingubo yakho,
wembule imilenze,
uwele imifula.
3Ubunqunu bakho mabuvele obala
libonakale ihlazo lakho,
ngiyoziphindiselela,
angiyukushiya noyedwa.
4UMhlengi wethu igama lakhe
nguSimakade Wamabandla
oNgcwele ka-Israyeli.
5“Hlala uthule,
uhambe ebumnyameni,
ndodakazi yamaKhaledi,
ngokuba awusayukuphinde
ubizwe ngendlovukazi yemibuso.
6Ngangibathukuthelele abantu bami,
ngangcolisa ifa lami,
ngalinikela esandleni sakho;
awubahawukelanga,
walenza ijoka lakho
ukuba lisinde kakhulu
phezu kwabadala.
7Wathi wena:
‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi,
kuze kube phakade.’
Ngalokho awubekanga
lezi zinto enhliziyweni yakho,
awukhumbulanga isiphetho sazo.
8“Manje yizwa lokhu,
wena ozijabulisayo,
ohlala ulondekile,
othi enhliziweni yakho:
yimi, akekho omunye;
angiyukuhlalisa okomfelokazi,
futhi angiyukukwazi ukufelwa ngabantwana.
9Kodwa kokubili lokhu
kuyokwehlela ngokuphazima kweso
ngalusuku lunye,
ukufelwa ngabantwana
nokuba ngumfelokazi
kuyokwehlela ngokupheleleyo,
phezu kobuningi babalumbi bakho,
namalumbo akho edlula ukwenza.
10Ubuzizwa uvikelekile ebubini bakho,
waze wathi:
‘Akekho ongibonayo.’
Ukuhlakanipha nokwazi kwakho kukudukisile;
wathi enhliziyweni yakho:
‘Yimi, yimi kuphela, akekho omunye.’
11Kodwa ububi buyakukwehlela,
awuyukwazi lapho buvela khona;
nengozi iyakuwela phezu kwakho,
awuyukuba namandla okuyivika;
incithakalo iyokwehlela phezu kwakho
ngokuzumayo, ungazi.
12“Yima uqine ebuthakathini bakho,
nasemalumbeni akho amaningi
obukusebenza kusukela ebusheni bakho,
mhlawumbe uzosizakala,
mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.
13Ukhathele ngenxa yobuningi bamacebo akho;
mabasukume, bakusindise abadabula izulu,
nababheka izinkanyezi,
nabazisa ngezinyanga ezintsha,
ukuthi kukuphi lapho kuzovela khona
lokhu okuzokwehlela.
14Bheka, sebefana namabibi eshiswa ngumlilo,
abakwazi ukuzisindisa emandleni elangabi,
akusilo ilahle lokuba lothiwe,
akusiwo nomlilo wokuba uwothe.
15Zinjalo-ke kuwe lezo zinto obuzikhandlekela,
ebezihambisana nawe kwasebusheni bakho,
yileyo naleyo iyazulazula endleleni yayo,
ayisekho engakusiza.”

Currently Selected:

U-Izaya 47: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for U-Izaya 47