U-Izaya 48
48
USimakade Umemezela Ngezinto Ezintsha
1“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe,
obizwa ngegama lika-Israyeli,
ovela okhalo lukaJuda,
ofunga igama likaSimakade,
nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli
kungengaqiniso nakulunga.
2Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,
bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli,
nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.
3Ngimemezele izinto zakuqala esikhathini esedlule,
ezaphuma emlonyeni wami;
ngazizwakalisa, ngazenza,
zenzeka ngokuphazima.
4Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani,
nentamo yenu ingumsipha wensimbi,
nebunzi lenu liyithusi;
5ngazimemezela kini kwasemandulo
zingakenzeki, ngazizwakalisa,
ningaze nithi:
‘Yisithombe sami esizenzile,
isithombe sami esibaziweyo,
nesithombe sami esibunjiweyo, esiyalezile.’
6Nizwile, manje bhekani konke lokhu;
aniyukukumemezela na?
“Kusukela manje ngizokwazisa okusha,
yebo, nokusithekileyo ongazange ukwazi.
7Kudalwe manje, hhayi emandulo;
awukaze uzwe ngakho
ngaphambi kwalolu suku,
funa uthi:
‘Bheka, bengikwazi.’
8Yebo, awukaze ukuzwe,
awukaze ukwazi,
kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga,
ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele,
nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.
9Ngenxa yeGama lami,
ngiyoyilibazisa intukuthelo yami;
nangenxa yodumo lwami,
ngizakuyibambela wena,
ukuze ngingakunqumi.
10Bheka, ngikucwengisisile,
kodwa hhayi njengesiliva;
ngakuvivinya esithandweni sezinhlupheko.
11Ngenxa yami,
impela ngenxa yami, ngiyokwenza.
Kungani iGama lami lingcoliswa na?
Angiyukuyinika omunye inkazimulo yami.
12“Ngilalele, Jakobe,
wena Israyeli, obiziweyo wami;
ngisenguye, ngingowokuqala,
futhi ngingowokugcina.
13Yebo, isandla sami
sibekile isisekelo somhlaba,
nesokunene sami saleneka izulu.
Lapho ngikubiza,
kuma ndawonye.
14“Qoqanani nina nonke, nizwe;
ngubani phakathi kwabo
omemezele lezi zinto na?
USimakade uyamthanda,
uyoyifeza intando yakhe
eBhabhele,
nengalo yakhe imelane namaKhaledi.
15Mina, Mina ngikhulumile,
futhi ngimbizile,
ngimlethile, uyoyenza iphumelele indlela yakhe.
16“Sondelani kimi, nizwe lokhu;
angikushongo yini ekusithekeni kwasekuqaleni na?
Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso, ngangikhona.”
Manje uSimakade uNkulunkulu
ungithumile, kanye noMoya wakhe.
17Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho
oNgcwele ka-Israyeli, uthi:
“NginguSimakade uNkulunkulu wakho
okufundise okukusizayo,
nokuholile ngendlela okumele uhambe ngayo.
18Sengathi ngabe wayilalelisisa imiyalo yami!
Khona ukuthula kwakho
bekuyokuba njengomfula,
nokulunga kwakho njengamanzi olwandle,
19nezizukulwane zakho zibe ngangesihlabathi,
nabantwana bezibilini zakho
babe njengezinhlayiya zaso.
Igama labo belingayukuqedwa,
belingeke lashabalala phambi kwami.”
Isiyalezo Sokuphuma EBhabhele
20Phumani eBhabhele nibalekele amaKhaledi;
kumemezeleni lokho ngezwi lokujabula,
nikuzwakalise,
nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, nithi:
“USimakade uyihlengile inceku yakhe, uJakobe.”
21Kabazange bome lapho ebahola
ezindaweni ezigagadekile;
wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni;
waqhekeza idwala,
amanzi ampompoza.
22“Akukho ukuthula kwababi,” kusho uSimakade.
Currently Selected:
U-Izaya 48: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.