UJobe 27
27
Inkulumo Yokugcina KaJobe
1 UJobe waphinde waziphendulela, wathi:
2 “Ngifunga ngiyagomela,
uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami,
noSomandla owenze waba muncu
umphefumulo wami;
3 inqobo nje uma ngisaphefumula,
nomoya kaNkulunkulu usesemakhaleni ami,
4 izindebe zami aziyukuyikhuluma inkohlakalo,
nolimi lwami aluyukuyikhipha inkohliso.
5 Makube kude nami
ukuba nginivumele ukuthi nilungile,
angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.
6 Ngibambelele ekulungeni kwami,
angisoze ngakuyeka,
inhliziyo yami ayizenyezi
nangolulodwa lwemihla yami.
7“Isitha sami masifane nesikhohlakali,
nomelene nami abe njengowenza okubi.
8 Liyini ithemba longenankulunkulu
nxa enqunywa,
lapho uNkulunkulu ethatha umphefumulo wakhe na?
9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe,
lapho ehlelwa wusizi na?
10 Uyakuthokoza yini ngoSomandla,
ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke na?
11 “Ngizakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;
okukuSomandla angiyukukufihla.
12Bhekani, nina nonke nikubonile,
kungani senenza okuyize na?
13 “Lokhu kuyisabelo somuntu oyisikhohlakali kuNkulunkulu,
nefa lezidlova ezilabelwa nguSomandla.
14 Uma abantwana bakhe banda,
bandela inkemba;
nabozalo lwakhe abayukusutha ngukudla.
15 Abaseleyo bakhe bayobulawa wubhubhane,
abafelokazi babo bangalili.
16Noma angambondela isiliva njengothuli,
anqwabele izembatho njengodaka,
17 uyakukwenza lokho,
kodwa ziyokwembathwa ngolungileyo,
ongenacala ehlukanise isiliva.
18 Indlu yakhe uyakhe njengenundu,
njengedlangala elakhiwe ngumlindi.
19 Ulala eyisigwili,
kodwa ngeke esakwenza lokho,
uyothi evula amehlo akhe
ube ungasekho umcebo.
20 Uvalo luyakumgabha njengesikhukhula,
ebusuku, isishingishane simphephule.
21 Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu,
umphephule asuke endaweni yakhe.
22 Uyakumphephula ungamhawukeli,
athi galo yephuka ebalekela amandla awo.
23 Abantu bayoshaya izandla,
bamklibhizele, bamnximfele,
esendaweni yakhe.”
Currently Selected:
UJobe 27: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.