YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 105

105
Ihubo Lokudumisa USimakade Ngezenzo Zakhe Zomusa
1Bongani uSimakade, nibize igama lakhe,
izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu.
2Mhlabeleleleni, nimhubele,
nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.
3Dumisani igama lakhe elingcwele,
mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade.
4Mfuneni uSimakade namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalonjalo.
5Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
nezibonakaliso zakhe,
nezehlulelo zomlomo wakhe,
6nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe,
nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
7Yena unguSimakade uNkulunkulu wethu,
izehlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
8Kuyoze kube phakade
esikhumbula isivumelwano sakhe,
izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane,
9avumelana ngaso no-Abhrahama,
nesifungo asenza ku-Isaka,
10wasiqinisa kuJakobe,
saba ngumthetho naku-Israyeli
saba yisivumelwano esiphakade.
11Wathi:
“Ngizokunika iKhanani,
libe yisabelo sefa lakho.”
12Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani,
yebo, babeseyingcosana,
futhi babengabafokazi kulo.
13Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulo mbuso,
beya kwabanye abantu.
14Akavumelanga muntu ukubahlupha,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15ethi:
“Ningabathinti abagcotshiweyo bami,
ningabalimazi abaphrofethi bami.”
16Lapho ethumela indlala ezweni,
kwavaleka umthombo wokudla.
17Wathumela indoda, yabendulela,
uJosefa owathengiswa waba yisigqila,
18balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,
waboshwa ngensimbi.
19Kwaze kwaba yisikhathi
elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,
izwi likaSimakade lamhola.
20Inkosi yathumela, yamkhulula,
umbusi wabantu wamdedela.
21Wamenza umphathi wendlu yakhe,
nenduna yezinto zakhe zonke,
22ukuze abophe izikhulu zakhe
ngokuthanda kwakhe,
afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23U-Israyeli wayesefika eGibhithe,
uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24USimakade wabenza banda kakhulu
abantu bakhe,
wabenza baba namandla kunezitha zabo.
25Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe,
babazonda abantu bakhe,
baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.
26Wathumela uMose inceku yakhe,
no-Aroni ayemkhethile.
27Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe
phakathi kwabo, ezweni likaHamu.
28Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni,
kepha baphambana namazwi akhe.
29Waphendula amanzi abo aba yigazi,
wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30Izwe labo lagcwala amasele
nasezindlini zamakhosi abo.
31Wakhuluma, kwavela izibawu
nomiyane emingceleni yabo yonke.
32Wabanika isichotho saba yimvula yabo,
amalangabi omlilo ezweni lakubo.
33Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo,
waphula imithi yasezweni labo.
34Wakhuluma, kwavela isikhonyane
nezinkumbi ezingenakubalwa.
35Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,
zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
36Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo,
okokuqala kwamandla abo.
37Abantu bakhe wayesebakhipha benesiliva negolide,
kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
38IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo,
ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39Wendlala ifu lokubasibekela,
nomlilo wokubakhanyisela ebusuku.
40Bacela, waletha izigwaca,
wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41Wavula idwala, kwampompoza amanzi,
agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.
42USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele
no-Abhrahama, inceku yakhe.
43Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile,
abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba.
44Wabapha amazwe abezizwe,
badla umcebo wabezizwe,
45ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe
nemithetho yakhe.
Haleluya!

Currently Selected:

AMahubo 105: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for AMahubo 105