YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 106

106
Ukuhlubuka Kuka-Israyeli Nokwethembeka KukaSimakade
1Haleluya!
Bongani uSimakade ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade,
ezwakalise lonke udumo lwakhe na?
3Babusisiwe abagcina ubulungiswa,
abenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4Ngikhumbule, Simakade,
lapho wenzela abantu bakho umusa,
ungihambele ngensindiso yakho,
5ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho,
ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,
ngizibonge kanye nefa lakho.
6Thina nokhokho bethu sonile,
senze okubi, sikhohlakele.
7Okhokho bethu beseseGibhithe
abaziqondanga izibonakaliso zakho,
ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa,
bakuhlubuka bengasolwandle,
oLwandle Lomhlanga.
8Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,
ukuze abonakalise amandla akhe.
9Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha,
wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10Wabasindisa esandleni sababazondayo,
wabakhulula esandleni sesitha.
11Amanzi azisibekela izitha zabo,
akwaze kwasala nesisodwa kuzo.
12Base bewakholwa amazwi akhe,
bahlabelela ngodumo lwakhe.
13Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe,
ababe besasilandela iseluleko sakhe.
14Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane,
bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15Wabanika abakufisayo,
kodwa wabathumela ngesifo esincunzayo.
16Baba nomona ngoMose ekamu,
nango-Aroni ongcwele kaSimakade.
17Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani,
wagqiba iviyo lika-Abhiramu.
18Iviyo labo lathungelwa ngomlilo,
ilangabi labashisa labaqeda ababi.
19Babumba ithole eHorebhe,
bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.
20Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu,
bayifanisa nenkabi edla utshani.
21Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo,
owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,
22izimangaliso ezweni lika-Hamu,
nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.
23Wayesethe uzobabhubhisa,
ukuba uMose okhethiweyo wakhe,
akemanga phambi kwakhe wabakhulumela,
ukuze adambise intukuthelo yakhe,
funa ababhubhise.
24Badelela izwe elihle,
babengakholwa yizwi lakhe.
25Bakhononda besemathendeni abo;
abaze balihlonipha izwi likaSimakade.
26Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe,
wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane,
27izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe,
abahlakazele emazweni.
28Bazihlanganisa noBhali Pheyori,
badla okuhlatshelwe abafileyo.
29Bamchukuluza ngezenzo zabo,
kwaqubuka ubhubhane phakathi kwabo.
30UFinehasi wasukuma, wabanxusela,
lwase luphela ubhubhane,
31lokho kwase kubalelwa kuye
kuba ngukulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane
kuze kube phakade.
32Bamthukuthelisa uSimakade bengasemanzini eMeribha,
lokho kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33Ngokuba bawukhuba umoya wakhe,
waze wakhuluma amagama aqinile.
34Abazibhubhisanga izizwe
njengalokhu uSimakade ayebayalile,
35bazihlanganisa nabezizwe,
bafunda ukugila imikhuba yabo.
36Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe,
ezaphenduka zaba wugibe kubo.
37Amadodana namadodakazi abo
bawahlabela amademoni.
38Bachitha igazi elingenacala,
igazi lamadodana abo namadodakazi abo,
abawahlabela izithombe zaseKhanani;
izwe langcoliswa yigazi.
39Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo,
baphinga ngezenzo zabo.
40Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe,
ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
41Wabanikela esandleni sabezizwe,
babusiswa ngababazondayo.
42Izitha zabo zabacindezela,
bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43Kaningi wabahlenga,
kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo,
baqunjwa phansi yiziphambeko zabo.
44Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo,
ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.
45Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe,
wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.
46Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.
47Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu,
siqoqe kwabezizwe
ukuze silidumise igama lakho elingcwele,
sikudumise ngentokozo.
48Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,
kusukela phakade kuze kube phakade.
Abantu bonke mabathi: “Amen.”
Haleluya!

Currently Selected:

AMahubo 106: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for AMahubo 106