YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 37

37
Isiphetho Sababi Nesabalungileyo
ElikaDavide
1Ungakhathazeki ngababi,
ungabi namona ngabenza okungalungile,
2ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani,
babune njengemifino.
3Thembela kuSimakade,
wenze okuhle,
ukuze uhlale ezweni,
uzondle ngokukholeka;
4zithokozise ngoSimakade,
khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe,
Yena uzokwenzela okufisayo.
6Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga;
nobulungiswa njengemini.
7Thula phambi kukaSimakade,
umlindele ngesineke;
ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe,
ngomuntu oceba amacebo amabi.
8Deda entukuthelweni,
uyeke ulaka,
ungakhathazeki,
lokho kuholela ebubini nje.
9Ngokuba ababi bayobhujiswa,
kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke,
bayodla ifa lomhlaba.
10Kusazothatha isikhashana
engabe esababikho omubi,
uyothi lapho uhlola
indawo abe kuyo, ungamfumani.
11Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe,
bathokozele ukuthula okukhulu.
12Omubi umsongela okubi olungileyo,
amququdele amazinyo.
13INkosi imhleka usulu,
ngokuba iyabona
ukuthi usuku lwakhe selusondele.
14Ababi bahosha inkemba,
bansale iminsalo yabo
ukuze baqumbe phansi
abampofu nabantulayo,
babulale ohamba ngokulunga.
15Izinkemba zabo zizodla bona,
neminsalo yabo iphoqozwe.
16Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo,
kunengcebo yababi abaningi.
17Izingalo zababi zizophoqozwa,
kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.
18USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa,
ifa labo liyokuma kuze kube phakade.
19Abayukujabha ngesikhathi esibi;
bayoba nenala ngezinsuku zendlala.
20Ababi bayobhubha,
izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo.
Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.
21Omubi uyoboleka angakubuyiseli,
kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.
22Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba;
abaqalekisileyo babhubhe.
23USimakade uyaziqinisa izinyathelo zomuntu
lapho eyithanda indlela yakhe.
24Uma ewa, akayukufumbeka phansi,
ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe.
25Kade ngimusha,
manje sengimdala,
kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe,
nozalo lwakhe luyizinxibi.
26Uphana, atshelekise ekhululekile,
nozalo lwakhe luyisibusiso.
27Deda kokubi, wenze okuhle,
uyakuhlala kuze kube phakade.
28Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa,
abathembekileyo bakhe akabashiyi.
Ubalondoloza kuze kube phakade,
kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.
29Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba,
bahlale kuwo ingunaphakade.
30Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha,
ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.
31Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe,
izinyathelo zakhe aziyukushelela.
32Omubi uqamekela olungileyo,
ufuna ukumbulala.
33USimakade akayukumnikela esandleni sakhe,
akuyukumlahla ngecala lapho ehlulelwa.
34Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe,
Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba,
uyobona lapho sebebhujiswa ababi.
35Ngimbonile omubi oyisidlova,
enabise okomsedari eLebhanoni ogxilileyo.
36Kwathi lapho ngedlula ngalapho,
wayengasabonwa nangalukhalo,
ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.
37Mqaphele ongenasici,
umbheke oqotho,
ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.
38Kepha abaphambukayo bayobhujiswa, baphele nya,
nekusasa lababi lishabalale.
39Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade,
uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.
40USimakade uyobasiza, abakhulule;
ubakhulula kwababi, abasindise,
ngokuba bayamethemba.

Currently Selected:

AMahubo 37: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for AMahubo 37