Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:18

Ungakhathezeki Ngalutho
izinsuku ezingu 3
Ukukhathazeka kuyisela lesikhathi sethu, amandla, nokuthula. Pho kungani sikwenza? Kule nkonzo yezinsuku ezingu-3, sizobheka ukukhathazeka, kungani sikwenza, nokuthi singakunqanda kanjani.

Hlukana Nomona Ngohlelo lokufunda lwezinsuku eziyisithupha luka-Anna Light
Izinsuku ezi-6
Manje, kunangaphambili, sibhekene nempilo yawo wonke umuntu njengoba efuna kubonakale, futhi ukuqhathaniswa nempilo yethu siqu kuvusa umona. Awufuni ukuthi lo moya ukhule kuwe, kodwa kuthiwani ngomonakalo obangelwa umona lapho uqhamuka komunye umuntu? Kulolu hlelo lokufunda, uzothola ukuthi ungawunqoba kanjani umona, uvikele inhliziyo yakho, uhambe ngokukhululeka.

Ukuthola Ukuthula
Izinsuku eziwu 10
Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.