Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 8:18

Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente Elisha
izinsuku ezingu 5
Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

Injabulo Yohambo: Ukuthola Ithemba Phakathi Kwezilingo
Izinsuku ezingu-7
Singase singakuboni noma sikuzwe njalo, kodwa uNkulunkulu uhlala enathi... ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Kulolu hlelo, Umxhumanisi Wokuthola Ithemba u-Amy LaRue ubhala ngokusuka enhliziyweni mayelana nomshikashika womndeni wakhe wokuba umlutha nokuthi injabulo kaNkulunkulu yagqashuka kanjani ngezikhathi zabo zobumnyama.

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church