1
1 kuThimothewu 6:12
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Qhathanisa
Hlola 1 kuThimothewu 6:12
2
1 kuThimothewu 6:10
Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Hlola 1 kuThimothewu 6:10
3
1 kuThimothewu 6:6
Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu
Hlola 1 kuThimothewu 6:6
4
1 kuThimothewu 6:7
ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi
Hlola 1 kuThimothewu 6:7
5
1 kuThimothewu 6:17
Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho
Hlola 1 kuThimothewu 6:17
6
1 kuThimothewu 6:9
Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
Hlola 1 kuThimothewu 6:9
7
1 kuThimothewu 6:18-19
benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.
Hlola 1 kuThimothewu 6:18-19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo