1
UmShumayeli 7:9
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.
Qhathanisa
Hlola UmShumayeli 7:9
2
UmShumayeli 7:14
Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.
Hlola UmShumayeli 7:14
3
UmShumayeli 7:8
Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
Hlola UmShumayeli 7:8
4
UmShumayeli 7:20
Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.
Hlola UmShumayeli 7:20
5
UmShumayeli 7:12
ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.
Hlola UmShumayeli 7:12
6
UmShumayeli 7:1
Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.
Hlola UmShumayeli 7:1
7
UmShumayeli 7:5
Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
Hlola UmShumayeli 7:5
8
UmShumayeli 7:2
Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.
Hlola UmShumayeli 7:2
9
UmShumayeli 7:4
Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
Hlola UmShumayeli 7:4
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo