1
UmShumayeli 8:15
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.
Qhathanisa
Hlola UmShumayeli 8:15
2
UmShumayeli 8:12
ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe
Hlola UmShumayeli 8:12
3
UmShumayeli 8:6
ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe
Hlola UmShumayeli 8:6
4
UmShumayeli 8:8
Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.
Hlola UmShumayeli 8:8
5
UmShumayeli 8:11
Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi
Hlola UmShumayeli 8:11
6
UmShumayeli 8:14
Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”
Hlola UmShumayeli 8:14
7
UmShumayeli 8:7
lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?
Hlola UmShumayeli 8:7
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo