Usho kanje uJehova, uthi:
“Ohlakaniphileyo makangazibongi
ngokuhlakanipha kwakhe,
neqhawe malingazibongi
ngobuqhawe balo,
nocebileyo makangazibongi
ngengcebo yakhe,
kepha ozibongayo makazibonge
ngalokhu ukuthi uyangiqonda,
angazi ukuthi nginguJehova
owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni,
ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.