1
NgokukaMathewu 23:11
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 23:11
2
NgokukaMathewu 23:12
Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.
Hlola NgokukaMathewu 23:12
3
NgokukaMathewu 23:23
“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
Hlola NgokukaMathewu 23:23
4
NgokukaMathewu 23:25
“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!
Hlola NgokukaMathewu 23:25
5
NgokukaMathewu 23:37
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.
Hlola NgokukaMathewu 23:37
6
NgokukaMathewu 23:28
Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.
Hlola NgokukaMathewu 23:28
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo