1
UNumeri 21:8
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UJehova wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyibeke ensikeni; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.”
Qhathanisa
Hlola UNumeri 21:8
2
UNumeri 21:9
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
Hlola UNumeri 21:9
3
UNumeri 21:5
Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”
Hlola UNumeri 21:5
4
UNumeri 21:6
UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu, zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.
Hlola UNumeri 21:6
5
UNumeri 21:7
Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
Hlola UNumeri 21:7
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo