1
UNumeri 22:28
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?”
Qhathanisa
Hlola UNumeri 22:28
2
UNumeri 22:31
UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.
Hlola UNumeri 22:31
3
UNumeri 22:32
Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami
Hlola UNumeri 22:32
4
UNumeri 22:30
Kepha imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na?” Wathi: “Qha.”
Hlola UNumeri 22:30
5
UNumeri 22:29
UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.”
Hlola UNumeri 22:29
6
UNumeri 22:27
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.
Hlola UNumeri 22:27
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo