1
IsAmbulo 19:7
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele
Qhathanisa
Hlola IsAmbulo 19:7
2
IsAmbulo 19:16
Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
Hlola IsAmbulo 19:16
3
IsAmbulo 19:11
Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga.
Hlola IsAmbulo 19:11
4
IsAmbulo 19:12-13
Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu.
Hlola IsAmbulo 19:12-13
5
IsAmbulo 19:15
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Hlola IsAmbulo 19:15
6
IsAmbulo 19:20
Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
Hlola IsAmbulo 19:20
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo