1
1 KwabaseKhorinte 11:25-26
IsiZulu 2020
Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.” Ngokuba ngaso sonke isikhathi lapho nidla lesi sinkwa, niphuza le ndebe nimemezela ukufa kweNkosi ize ibuye.
Qhathanisa
Hlola 1 KwabaseKhorinte 11:25-26
2
1 KwabaseKhorinte 11:23-24
Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa, yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”
Hlola 1 KwabaseKhorinte 11:23-24
3
1 KwabaseKhorinte 11:28-29
Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe. Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 11:28-29
4
1 KwabaseKhorinte 11:27
Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 11:27
5
1 KwabaseKhorinte 11:1
Ngilingiseni njengokuba nami ngilingisa uKhristu.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 11:1
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo