UDaniyeli wathatha, wathi:
“Malibongwe igama likaNkulunkulu,
kusukela kwaphakade
kuze kube phakade,
ngokuba ukuhlakanipha
namandla kungokwakhe;
uyaguqula izikhathi nezinkathi;
uyasusa amakhosi,
abeke amakhosi;
unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha,
nokwazi kwabaqonda ukwazi;
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye.