“Kuyothi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho.