1
UMshumayeli 2:26
IsiZulu 2020
Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
Qhathanisa
Hlola UMshumayeli 2:26
2
UMshumayeli 2:24-25
Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na?
Hlola UMshumayeli 2:24-25
3
UMshumayeli 2:11
Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.
Hlola UMshumayeli 2:11
4
UMshumayeli 2:10
Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami.
Hlola UMshumayeli 2:10
5
UMshumayeli 2:13
Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.
Hlola UMshumayeli 2:13
6
UMshumayeli 2:14
Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.
Hlola UMshumayeli 2:14
7
UMshumayeli 2:21
Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.
Hlola UMshumayeli 2:21
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo