Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”
USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.