Usho kanje uSimakade, uthi:
“Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba
ngokuhlakanipha kwakhe,
neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo,
nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.
Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu,
ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi
ukuthi nginguSimakade owenza umusa,
ubulungiswa nokulunga emhlabeni,
ngokuba ngiyathokoza
ngalezi zinto,” kusho uSimakade.