1
NgokukaMathewu 13:23
IsiZulu 2020
Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.”
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 13:23
2
NgokukaMathewu 13:22
Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.
Hlola NgokukaMathewu 13:22
3
NgokukaMathewu 13:19
Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.
Hlola NgokukaMathewu 13:19
4
NgokukaMathewu 13:20-21
Okuhlwanyelwe edwaleni, yilowo ozwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza, kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.
Hlola NgokukaMathewu 13:20-21
5
NgokukaMathewu 13:44
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.
Hlola NgokukaMathewu 13:44
6
NgokukaMathewu 13:8
Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30.
Hlola NgokukaMathewu 13:8
7
NgokukaMathewu 13:30
Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ”
Hlola NgokukaMathewu 13:30
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo