Ndodana yami,
uma ulalela amazwi ami,
ugcine imithetho yami,
wenze indlebe yakho
ilalele ukuhlakanipha,
nenhliziyo yakho
ithambekele ekuqondeni;
uma ukhala ngokuhlaziya,
ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda;
uma ukufuna njengesiliva
ukufunisisa njengengcebo
efihliweyo,
khona uyakuqonda ukuthi
kuyini ukumesaba uSimakade,
uthole ulwazi ngoNkulunkulu.