1
IZaga 3:5-6
IsiZulu 2020
Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda. Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
Qhathanisa
Hlola IZaga 3:5-6
2
IZaga 3:7
Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
Hlola IZaga 3:7
3
IZaga 3:9-10
Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, ukuze izinqolobane zakho ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo, nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.
Hlola IZaga 3:9-10
4
IZaga 3:3
Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho
Hlola IZaga 3:3
5
IZaga 3:11-12
Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe. Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.
Hlola IZaga 3:11-12
6
IZaga 3:1-2
Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami, khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.
Hlola IZaga 3:1-2
7
IZaga 3:13-15
Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha, nomuntu ozuza ukuqonda, ngokuba inzuzo yakho yinhle kunenzuzo yesiliva; nenzuzo yakho kunegolide. Ukuhlakanipha kuyigugu kunamarubhi, nakho konke okunxanelekayo akunakuqhathaniswa nakho.
Hlola IZaga 3:13-15
8
IZaga 3:27
Ungabagodleli okuhle labo abakufanele, uma lokho kusemandleni akho ukuba ukwenze.
Hlola IZaga 3:27
9
IZaga 3:19
USimakade wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.
Hlola IZaga 3:19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo