1
AMahubo 90:12
IsiZulu 2020
Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
Qhathanisa
Hlola AMahubo 90:12
2
AMahubo 90:17
Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu, mawube phezu kwethu, imisebenzi yezandla zethu ichume, yisimamise imisebenzi yezandla zethu.
Hlola AMahubo 90:17
3
AMahubo 90:14
Sisuthise ngomusa wakho ekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.
Hlola AMahubo 90:14
4
AMahubo 90:2
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Hlola AMahubo 90:2
5
AMahubo 90:1
Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu izizukulwane ngezizukulwane.
Hlola AMahubo 90:1
6
AMahubo 90:4
Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.
Hlola AMahubo 90:4
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo