1
AMahubo 91:2
IsiZulu 2020
uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”
Qhathanisa
Hlola AMahubo 91:2
2
AMahubo 91:1
Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla
Hlola AMahubo 91:1
3
AMahubo 91:15
Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
Hlola AMahubo 91:15
4
AMahubo 91:11
Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.
Hlola AMahubo 91:11
5
AMahubo 91:4
uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.
Hlola AMahubo 91:4
6
AMahubo 91:9-10
Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho. Okubi akuyukukwehlela, nesifo asiyukusondela ethendeni lakho.
Hlola AMahubo 91:9-10
7
AMahubo 91:3
Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni
Hlola AMahubo 91:3
8
AMahubo 91:7
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.
Hlola AMahubo 91:7
9
AMahubo 91:5-6
Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini, nobhubhane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini bebade.
Hlola AMahubo 91:5-6
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo