1
IsAmbulo 6:8
Baasraak Zulu New Testament Bible
Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.
Qhathanisa
Hlola IsAmbulo 6:8
2
IsAmbulo 6:2
Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba, futhi eyakunqoba.
Hlola IsAmbulo 6:2
3
IsAmbulo 6:9
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.
Hlola IsAmbulo 6:9
4
IsAmbulo 6:10-11
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na? Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo.
Hlola IsAmbulo 6:10-11
5
IsAmbulo 6:4
Kwaphuma elinye ihhashi elibomvu; ohlezi phezu kwalo wanikwa amandla okususa ukuthula emhlabeni nokuba babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.
Hlola IsAmbulo 6:4
6
IsAmbulo 6:17
Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?
Hlola IsAmbulo 6:17
7
IsAmbulo 6:12-13
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi; Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.
Hlola IsAmbulo 6:12-13
8
IsAmbulo 6:5-6
Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe. Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.
Hlola IsAmbulo 6:5-6
9
IsAmbulo 6:14-15
Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba
Hlola IsAmbulo 6:14-15
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo